I-ISS isizana nabantu ngamunye kanye nemindeni abanezinkinga umuntu ngamunye siqu noma zemiphakathi, abadinga usizo lokusebenzisana phakathi kwamazwe. Lulu sizo lutholakala kunoma yimuphi umuntu oseNingizimu Afrika noma phesheya.
Yenza isishwankathelo sodaba ngokulandela indlela ebekwe ngabe-ISS. Isishwankathelo sodaba sizochaza izimo kanye nezicelo zosizo ezidingeka kuzwe langaphandle.
Abathunyelwe kubhekwana nabo ngokulandela ukwamukelwa kwezicelo. Lapho kutholakala isicelo sokuthunyelwa esivela kumnyango weprovinsi, I-ISS SA izodlulisela isicelo sosizo kwabe-ISS Affilliated Bureau noma omele yona kuzwe langaphandle. Impendulo izoncika kuzimo zendawo.
Lapho kwamukelwe isicelo sokuthunyelwa esibuya ezweni langaphandle, abe-ISS SA badlulisela udaba kummeli wesifundazwe wendawo ozokwenza amalungiselelo nosonhlalonhle ukuphenyisisa ngalo kanye nokunikeza umbiko kwabomnyango wesifundazwe. Uma umbiko usuwamukelwe, uthunyelwa kwabe-ISS SA, okuyibona abawuhlaziyayo kanye nokudlulisela umbiko kwabathintekayo , umbiko ozohambisana nokuphawula kwabo, imibuzo noma ukuphengulula.
ENingizimu Afrika, inkonzo inikezelwa mahhala. Kwamanye amazwe, ungakhokhiswa imali yezinye izinkonzo. Lezi zimali ezikhokhelwayo ziyahluka kuzwe nezwe.
Awekho amafomu okumele agcwaliswe.
